Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 13:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Onke amazibulo ezimbongolo wowahlenga ngewundlu; uma ungawahlengi, wowaphula intamo; amazibulo onke abantu kumadodana akho wowahlenga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Kepha wonke amazibulo ezimbongolo uyowahlenga ngemvu, uma ungalihlengi uyolephula intamo, kuthi wonke amazibulo abantu endlini yakho uwahlenge.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Wonke amazibulo ezimbongolo kumelwe uwahlenge ngewundlu; futhi uma ungayiyeki, kumelwe uyiphule intamo; wonke amazibulo omuntu phakathi kwabantwana bakho wowahlenga.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 13:13
7 Referans Kwoze  

Kepha izibulo lembongolo wolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, ulaphule intamo. Amazibulo onke amadodana akho wowahlenga, kungabonakali muntu phambi kwami engaphethe lutho.


Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


UMose wayesebiza amalunga akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Hambani nizithathele amawundlu ngokwemindeni yenu, nihlabe iphasika.


Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: ‘Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu;


“Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite