Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bazakuyidla inyama ngalobo busuku, yosiwe ngomlilo; bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Bayakulidla iwundlu ngalobo busuku; bayakulidla losiwe emlilweni nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bayakuyidla inyama ngalobo busuku, yosiwe ngomlilo nesinkwa esingenamvubelo; bayakuyidla kanye nemifino ebabayo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:8
20 Referans Kwoze  

“Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo womkhosi wephasika kuze kuse.


Uyakulipheka, ulidle endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, uphenduke ekuseni, uye ematendeni akho.


Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo; lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala, iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.


“Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo wami kanye nesinkwa esivutshelweyo. Amanoni omkhosi wami awayikusala bonke ubusuku kuze kuse.


Isinkwa esingenamvubelo siyakudliwa izinsuku eziyisikhombisa; akuyikubonakala sinkwa esivutshelweyo kuwe, kungabonwa namvubelo ezweni lakho lonke.


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle, yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo.


Nani naba ngabalingisi bethu, nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele,


Imvubelo eyingcosana ibilisa inhlama yonke.


Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.”


Khona baqonda ukuthi kashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa kepha isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.


nishise umnikelo wokubonga ngokuvutshelweyo, nimemezele iminikelo yesihle, niyizwakalise, ngokuba nithanda kanjalo, bantwana bakwa-Israyeli,” isho iNkosi uJehova.


Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.


Ningalidli liseluhlaza, noma liphekwe nokuphekwa ngamanzi, kepha losiwe ngomlilo, ikhanda lalo kanye nemilenze yalo nezibilini zalo.


Alosa iphasika ngomlilo njengokomthetho, neminikelo engcwele ayosa emakhanzini, nasezocweni, nasemabhodweni, ashesha akuletha kubantu besizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite