Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:51 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Kwathi ngalona lolo suku uJehova wakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

51 Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Kwathi ngalona lolo suku uJehova ekhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:51
25 Referans Kwoze  

Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.


Yibo labo o-Aroni noMose uJehova athi kubo: “Khiphani ezweni laseGibithe abantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo.”


UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo.


Kepha ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke, ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga,


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


Kepha uFaro akayikunilalela; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabandla ami, isizwe sami, abantwana bakwa-Israyeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.


Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Basuka e-Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe.


Ngenyanga yesithathu emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi.


Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe, indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi,


owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


“Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.


Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.


Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.”


ukuze izizukulwane zenu zazi ukuthi ngabahlalisa abantwana bakwa-Israyeli emadokodweni ekubakhipheni kwami ezweni laseGibithe, nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”


UNkulunkulu wabakhipha eGibithe; unjengezimpondo zenyathi kubo.


“Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”


Nanka amabanga ohambo lwabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ngawo ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose nesika-Aroni.


Lokhu ebethanda oyihlo wakhetha inzalo yabo emva kwabo, wakukhipha yena uqobo ngamandla akhe amakhulu eGibithe


“Gcina inyanga ka-Abibi, nilenze iphasika likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku.


“ ‘Ngathuma oMose no-Aroni, ngahlupha iGibithe ngalokho engakwenza phakathi kwalo; ngasemuva nganikhipha.


Kwathi ngomnyaka wamakhulu amane namashumi ayisishiyagalombili emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngomnyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaJehova.


UJehova wawashaya amaKushe phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda; amaKushe abaleka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite