Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: ‘Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Yishoni kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli nithi: ‘Ngomhla zilishumi kule nyanga bayothatha yilowo nalowo mndeni, kube yiwundlu umndeni ngamunye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Khulumani kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli, nithi: Ngolweshumi lwale nyanga bayakuzithathela yilowo nalowo imvu ngokwezindlu zawoyise, iwundlu ngendlu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:3
26 Referans Kwoze  

Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.


uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova, anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu.


Ngangomuso abantu abaningi abafike emkhosini sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema,


Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.”


UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi, onke abengaweminikelo yephasika, umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.


Kuyakwenziwa kanjalo ngaleyo naleyo nkunzi, noma ngaleyo naleyo nqama, noma ngaleyo naleyo mvana yeduna, noma ngamazinyane ezimbuzi.


niyakuligcina kuze kube sosukwini lweshumi nane lwaleyo nyanga; ibandla lonke lenhlangano yakwa-Israyeli liyakulihlaba ngakusihlwa.


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


u-Aroni wakhuluma onke amazwi uJehova awakhulume kuMose, wazenza izibonakaliso emehlweni abantu.


U-Abrahama wathi: “UNkulunkulu uzakuzibonela imvu yomnikelo ezakushiswa, ndodana yami,” bahamba bobabili kanyekanye.


Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe.


Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


USamuweli wathatha iwundlu elincelayo, wanikela ngalo libe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova; uSamuweli wamkhalela u-Israyeli kuJehova; uJehova wamphendula.


“ ‘Kusasa niyakusondezwa ngezizwe zakini; kuyakuthi isizwe asithathayo uJehova sisondele ngemindeni; umndeni awuthathayo uJehova uyakusondela ngezindlu; indlu ayithathayo uJehova iyakusondela ngabantu.


Bathi kuMose: “Khuluma wena kithi, sizwe; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.”


UJehova wayesethi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe.


Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo.


“Le nyanga iyakuba kini inhloko yezinyanga, ibe yinyanga yokuqala emnyakeni kini.


uma abomuzi bengalaneli iwundlu, wolithatha nomakhelwane wakhe oseduze nomuzi wakhe njengenani labantu; kulelo nalelo wundlu anobala inani elithile njengokudla kwalowo nalowo muntu.


UMose wayesebiza amalunga akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Hambani nizithathele amawundlu ngokwemindeni yenu, nihlabe iphasika.


Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu, wokuthunjwa kwethu ekuqaleni komnyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane, emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku, isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wangiyisa khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite