Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kuyakuthi lapho senifike ezweni uJehova azakuninika lona njengesithembiso sakhe, niyakugcina inkonzo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Lapho nifika ezweni uSimakade ayoninika lona njengoba eshilo, niyowugubha lo mkhosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 “Nxa ningena ezweni uJehova aya kuninika lona njengokuthembisa kwakhe, niyakugcina le nkonzo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:25
11 Referans Kwoze  

Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.’


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.


“Niyakugcina le nto ibe ngumthetho kuwena nakuwo amadodana akho kuze kube phakade.


Kuyakuthi nxa abantwana benu besho kini, bethi: ‘Iyini le nkonzo kini na?’


Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.


Ngakho uyakuwugcina lo mthetho ngesikhathi sawo iminyaka ngeminyaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite