Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Nothatha isithungu sehisopi,* nisicwilise egazini elisemcengezini, nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Niyothatha isixha sehisophi nisicwilise egazini elisemcengezini, bese nibheca izimpundu nezinsika zeminyango, makungaphumi muntu emnyango kuze kube ngakusasa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kumelwe nithathe isixha sehisopi nisicwilise egazini elisesitsheni, nishaye umbundu ongenhla nezinsika zombili zezinhlangothi ngegazi elisesitsheni; futhi kakuyikuphuma muntu emnyango wendlu yakhe kuze kuse.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:22
13 Referans Kwoze  

Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo.


Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisopi,* aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende, nezitsha zonke, nabantu ababelapho, nowathinta ithambo, noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna,


Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi*, wafafaza incwadi nabantu bonke,


Kepha nesivumelwano sokuqala kambe sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasezweni.


Bazakuthabatha igazi, balibhece ezinsikeni zombili zomnyango nasekhothameni lomnyango ezindlini abayakulidlela kuzo.


kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo.


Wozani, bantu bami, ningene emakamelweni enu, nizivalele iminyango, nicashe ngokuphazima kweso, kuze kudlule ulaka.


Kuyakuthi yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe libe sekhanda lakhe, thina singabi nacala; kodwa lowo okuwe endlini, igazi lakhe liyakuba sekhanda lethu, uma sibekwa isandla kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite