Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UMose wayesebiza amalunga akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Hambani nizithathele amawundlu ngokwemindeni yenu, nihlabe iphasika.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 UMose wayesewabiza wonke amalunga akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Hambani, nithathele imindeni yenu amawundlu, niwahlabele iphasika.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UMose wabiza onke amadoda amadala akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Phumani nizithathele iwundlu ngokwezizukulwane zenu, nilihlabe iphasika.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:21
18 Referans Kwoze  

Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: ‘Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu;


Ngokuba abapristi namaLevi babezihlambululile kanyekanye; bonke babehlambulukile; bahlabela bonke abathunjwa iphasika, nabafowabo abapristi, bazihlabela nabo uqobo lwabo.


Inkosi yayisiyala bonke abantu ngokuthi: “Yenzelani uJehova uNkulunkulu wenu iphasika njengokulotshiwe kule ncwadi yesivumelwano.”


Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga ngakusihlwa emathafeni aseJeriko.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe.


UMose wafika, wabiza amalunga abantu, wabeka phambi kwabo onke lawo mazwi uJehova amyale ngawo.


UJehova wathi kuMose: “Dlulela phambi kwabantu, uthathe amalunga akwa-Israyeli; nenduku yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe ngesandla sakho, uhambe.


Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, izicathulo zenu zisezinyaweni zenu, nezindondolo zenu zisezandleni zenu; niyakulidla ngokushesha; kuyiphasika likaJehova.


“Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokunihambela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.


bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu.


Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo.


Ningadli lutho oluvutshelweyo; ezindlini zenu zonke anodla isinkwa esingenamvubelo.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite