Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Igazi liyakuba yisibonakaliso kini ezindlini enikhona; futhi lapho ngibona igazi, ngizodlula phezu kwenu, futhi isifo ngeke sibe phezu kwenu ukuze sinibhubhise lapho ngishaya izwe laseGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:13
10 Referans Kwoze  

Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo.


Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.


kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


Niyakusoka inyama yejwabu lenu, kube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nani.


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.


Ngalokho ake nifunge manje uJehova kimi, njengokuba nginenzele umusa, ukuba nani niyenzele indlu kababa umusa, ningiphe uphawu oluqinisileyo,


Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, izicathulo zenu zisezinyaweni zenu, nezindondolo zenu zisezandleni zenu; niyakulidla ngokushesha; kuyiphasika likaJehova.


UJehova wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.”


Bazakuthabatha igazi, balibhece ezinsikeni zombili zomnyango nasekhothameni lomnyango ezindlini abayakulidlela kuzo.


uma ekufikeni kwethu ezweni ungabophi le ntambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo, uzibuthele endlini yakho uyihlo, nonyoko, nabafowenu, nabendlu bonke bakayihlo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite