Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobu busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezilwane; ngiyakwahlulela bonke onkulunkulu baseGibithe; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:12
26 Referans Kwoze  

abaseGibithe besembela onke amazibulo abo abulawa kubo nguJehova, uJehova ebahlulele nawonkulunkulu babo.


Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.


UJehova uyakwesabeka phezu kwabo, ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba, bakhuleke kuye, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.


Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni, nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova.”


Uyakwaphula izinsika zaseBeti Shemeshi elisezweni laseGibithe; izindlu zawonkulunkulu baseGibithe uyakuzishisa ngomlilo.’ ”


Isiprofetho ngeGibithe. Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe, nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.


Mina ngathi: “Ningonkulunkulu nina,” nonke ningamadodana oPhezukonke.


UNkulunkulu umi emhlanganweni wawonkulunkulu; uyahlulela phakathi kwawonkulunkulu.


UNkulunkulu wakhuluma kuMose, wathi kuye: “NginguJehova;


nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala, ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho,” usho uJehova.


Ashiya khona onkulunkulu bawo; uDavide wathi mabashiswe ngomlilo.


Abase-Ashidodi sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova. Bamthatha uDagoni, bambuyisela endaweni yakhe.


“Awuyikuthuka uNkulunkulu, ungaqalekisi induna yabantu bakini.


Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe, nimnike uNkulunkulu ka-Israyeli udumo; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu, naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.


khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu, isimise emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, size simkhonze kuze kube phakade.


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”


Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane.


Ngiyakuphemba umlilo uyakuzishisa, athumbe onkulunkulu, embathe izwe laseGibithe njengomalusi embatha ingubo yakhe, aphume eGibithe ngokuthula.


UJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakujezisa u-Amoni waseNo, noFaro, neGibithe, nawonkulunkulu balo, namakhosi alo, yebo, uFaro nabamethembayo,


Wakwenza-ke lokho uJehova ngangomuso; yafa yonke imfuyo yaseGibithe, kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akwafa neyodwa.


Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho, kepha akuyikufinyelela kuwe.


Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu, uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite