Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 11:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kuyakuba khona ukukhala okukhulu ezweni lonke laseGibithe, okungazange kube khona okungangako, okungasayikuba khona futhi okungangako.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Kuzokuba nesililo esikhulu, esingakaze sibe khona, futhi esingayukuphinde sibe khona kulo lonke iGibhithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kuyakuba khona isililo esikhulu ezweni lonke laseGibithe, esingakaze sibe khona, nesingayikuba khona.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 11:6
15 Referans Kwoze  

UFaro wavuka ebusuku, yena nezinceku zakhe zonke, nabo bonke abaseGibithe; kwaba khona ukukhala okukhulu eGibithe, ngokuba kwakungekhondlu, lapho kungafanga muntu khona.


nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala, ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho,” usho uJehova.


“Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.


“Ngalolo suku,” usho uJehova, “kuyakuba khona izwi lokukhala, livela eSangweni Lezinhlanzi, nokuhhewula, kuvela eNxenyeni Yesibili, nokufahlazeka okukhulu, kuvela emagqumeni.


Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa, uyavalela umkhuleko wami.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi, nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi, nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi.


Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu naye uyakukhala angaphendulwa.


Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli akuyikubakho nanja eyakugwavumela umuntu nenkomo,’ ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa iGibithe no-Israyeli.


Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuwisa isichotho esinzima kakhulu, esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.


Ngalolo suku iGibithe liyakuba njengabesifazane, lithuthumele, lesabe ukunikina kwesandla sikaJehova Sebawoti asinikina phezu kwalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite