Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 11:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UMose wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngaphakathi kwamabili ngizakuphuma, ngiye phakathi kweGibithe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UMose wathi: “Usho kanje uSimakade: ‘Phakathi kwamabili ngizodabula kulo lonke iGibhithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UMozisi wasesithi: Itsho njalo iNkosi: Phakathi kobusuku ngizaphuma ngiye phakathi kweGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 11:4
12 Referans Kwoze  

Kwathi phakathi kwamabili uJehova wabulala onke amazibulo ezweni laseGibithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lesiboshwa esasisetilongweni, kanye namazibulo onke ezinkomo.


“Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe, ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.


Bayafa ngokuphazima kweso; phakathi kwamabili abantu bayathuthumela, banyamalale; amaqhawe ayasuswa, kepha kungengasandla.


“ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.


“Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’


Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo; sebefohlile, badlulela esangweni, baphuma ngalo; inkosi yabo idlulile phambi kwabo, noJehova usesihlokweni sabo.”


nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala, ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho,” usho uJehova.


UJehova uyaphuma njengeqhawe; njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe; uyakhala, yebo, uyabangalasa, enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.


Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, usheshe, ngokuba kuyilapho uJehova eyakube ephumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.”


Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.


Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe. Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite