Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 11:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 OMose no-Aroni bazenza zonke lezi zimangaliso ebusweni bukaFaro; uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 UMose no-Aroni bazenza zonke lezo zimangaliso phambi kukaFaro, kodwa uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba baphume ezweni lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 OMose no-Aroni bazenza zonke lezi zibonakaliso phambi kukaFaro, uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba basuke ezweni lakhe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 11:10
17 Referans Kwoze  

UJehova wathi kuMose: “Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe; akayikubayeka abantu ukuba bahambe.


Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga ukuba bahambe.


Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe.


Uma, pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa


Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,


Nenzeleni zibe lukhuni izinhliziyo zenu, njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebenzile phakathi kwabo, ababavumelanga yini ukuba bahambe na?


Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


“Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.”


Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Mina ngiyakuyenza inhliziyo kaFaro ibe lukhuni, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe.


UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabalalelanga, njengalokho uJehova eshilo kuMose.


UJehova wayesekhuluma kuMose naku-Aroni ezweni laseGibithe, ethi:


Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlangabezane no-Israyeli ngokulwa, ukuze abaqothule, angabahawukeli, kepha abachithe, njengalokho uJehova ebemyalile uMose.


Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho, uzenze lukhuni izinhliziyo zethu zingakwesabi, na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.


Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite