Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 11:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wayesethi kuMose: “Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; ngasemuva uyakunivumela ukuba nisuke lapha; yebo, nxa eniyeka ukuba nihambe, uzakunixosha nokunixosha lapha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USimakade wathi kuMose: “Ngizoletha enye futhi inhlupheko phezu kukaFaro naphezu kweGibhithe; emveni kwalokho uzonivumela ukuba nihambe lapha. Lapho enivumela uzakunixosha nokunixosha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJehova wayesethi kuMose: “Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; emva kwalokho uyakunenza nisuke lapha; uma eniyeka, uyakunixosha khona ngokuphelele.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 11:1
11 Referans Kwoze  

“ ‘Uma nihamba niphambene nami, ningangilaleli, ngiyakubuye nginehlisele izinhlupheko ziphindwe kasikhombisa njengezono zenu.


Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi.


Ngokuba kulesi sikhathi ngizakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekweni zakho, nakubantu bakho, ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke.


Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke.


UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?


Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.


Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha, wandise intukuthelo yakho kimi, amabandla ngamabandla angisukele.


Athi: “Uyakuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kuye na?” Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo sinye esikubo bonke nakuwo amakhosi enu.


UJehova wathi kuMose: “Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe, nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.”


Kwathi phakathi kwamabili uJehova wabulala onke amazibulo ezweni laseGibithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lesiboshwa esasisetilongweni, kanye namazibulo onke ezinkomo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite