Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 10:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UMose wathi: “Siyakuhamba nabasha bethu, nabadala bethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu, nezimvu zethu, nezinkomo zethu, ngokuba sinomkhosi kaJehova.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 UMose wathi: “Sizohamba nezinsizwa, abadala, amadodana, amadodakazi ethu, izimvu, izimbuzi, izinkomo, nemihlambi yethu, ngokuba sizogubha umkhosi kaSimakade ngakho konke esinakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wayesethi uMose: “Siyakuhamba nezimvu zethu, namalunga ethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu, nezimvu zethu, nezinkomo zethu; ngoba simelwe ukwenza umkhosi wokudumisa iNkosi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 10:9
19 Referans Kwoze  

Ngasemuva oMose no-Aroni bafika, bathi kuFaro: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangenzele umkhosi ehlane.’ ”


“Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa-Israyeli enkosini yaseGibithe, nithi kuyo: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.’


Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: “Angithokozi ngayo;”


Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


“ ‘Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi, nimgcinele uJehova umkhosi izinsuku eziyisikhombisa,


Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo, ngolwesikhombisa kube khona umkhosi kaJehova.


Base bethi: “UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.”


nendlu yonke kaJosefa, nabafowabo, nendlu kayise; bashiya ezweni laseGosheni izingane zabo, nezimvu zabo, nezinkomo zabo kuphela.


Wayesethi kubo: “Makabe nani-ke uJehova, njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.


Imfuyo yethu nayo iyakuhamba nathi; akuyikusala nanselo, ngokuba siyakuthatha kuyo lokhu esiyakumkhonza ngakho uJehova uNkulunkulu wethu; asikwazi esiyakumkhonza ngakho uJehova, singakafiki khona.”


Thathani izimvu zenu nezinkomo zenu, njengalokho nishilo, nihambe, ningibusise nami.”


Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamesesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.


Kwenyuka nabo ingxubevange yabantu, nezimvu, nezinkomo, imfuyo eningi kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite