Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 10:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye: “Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Izinceku zikaFaro zathi kuye: “Kuyoze kube nini lo mfokazi ewugibe kithi na? Bavumele abantu ukuba bahambe, ukuze bayokhonza uSimakade uNkulunkulu wabo; awuboni yini ukuthi iGibhithe liyabhubha na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Izinceku zikaFaro zathi kuye: “Koze kube nini lowo ewugibe kithi na?” abantu mabahambe, bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo; kawukazi yini ukuthi iGibhithe selibhujisiwe?

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 10:7
16 Referans Kwoze  

Wayesethi uSawule: “Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye, isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe.” Ngalokho uSawule wathi kuDavide: “Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.”


Ngase ngifumana okubaba kunokufa: owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha, nezandla zakhe ziyizibopho; omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye, kepha isoni siyakubanjwa nguye.


yazini nokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasayikuzixosha lezo zizwe phambi kwenu, kepha zoba lugibe nesihibe kini, nenkalivasi* ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.


Abayikuhlala ezweni lakini, funa bakwenze ukuba wone kimi, ngokuba uma ubakhonza onkulunkulu babo, kuyakuba lugibe kuwe.”


Ngisho lokhu ukuba kube lusizo kinina; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo, nibambelele eNkosini ngokungaphazameki.


Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova, kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”


IBabele seliwile ngokuzumayo, lachithwa; hhewulani ngalo, nithathele ubuhlungu balo ibhalisamu;* mhlawumbe lingaphiliswa.


UMowabi uchithekile; abancane bakhe bezwakalisa ukukhala.


Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na?


Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni, ngokuba uchithile izwe lakho, wabulala abantu bakho; inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade.


Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe, kepha olungileyo uyenanela, athokoze.


nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.


Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo.”


AbaseGibithe babebacindezela abantu ukuba babakhiphe ezweni ngokushesha, ngokuba bathi: “Thina sonke sifile.”


Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endlini yawo, ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite