Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 10:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Izindlu zakho, nezindlu zezinceku zakho zonke, nezindlu zabo bonke abaseGibithe ziyakugcwaliswa yiso, abangazange basibone esinjalo oyihlo nawoyise bawoyihlo, selokhu bafika emhlabeni kuze kube namuhla.’ ” Waphenduka, waphuma kuFaro.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Sizogcwala ezindlini zakho, ezindlini zezinceku zakho, nasezindlini zabo bonke abaseGibhithe, into engakaze ibonwe ngokhokho benu, ngisho nokhokho bokhokho benu, kusukela ngosuku abafika ngalo emhlabeni kuze kube yilolu lusuku lwanamuhla.’ ” Wayesephenduka, waphuma phambi kukaFaro.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ziyogcwalisa izindlu zakho nezindlu zazo zonke izinceku zakho nezindlu zabo bonke abaseGibhithe; engabonanga oyihlo nawoyihlo, kusukela osukwini ababekhona emhlabeni kuze kube namuhla. Waphenduka, wamuka kuFaro.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 10:6
11 Referans Kwoze  

Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke, bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho, nasezindlini zakho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.


umfula uyakuvama amasele; ayakukhuphuka, angene endlini yakho, nasekamelweni lakho lokulala, naphezu kombhede wakho, nasendlini yezinceku zakho, naphezu kwabantu bakho, nasemaziko akho, nasezingqwembeni zakho zokuxova izinkwa.


Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.


usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.


Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma.’ ” Waphuma kuFaro evutha ulaka.


Kuyakuba khona ukukhala okukhulu ezweni lonke laseGibithe, okungazange kube khona okungangako, okungasayikuba khona futhi okungangako.


Kungabi njalo; hambani nina madoda nimkhonze uJehova, ngokuba yikho enikufunayo.” Base bexoshwa ebusweni bukaFaro.


Kwase kuwa isichotho nomlilo owanyazima njalo phakathi kwesichotho; kwakunzima kakhulu, okwakungazange kube khona ezweni laseGibithe okungangako, selokhu laba yisizwe.


Batheleka emzini, bagijima ogangeni; bakhuphukela ezindlini, bangena ngamafasitele njengesela.


Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuwisa isichotho esinzima kakhulu, esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite