Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 10:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 OMose no-Aroni bangena-ke kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uthi: ‘Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 OMose no-Aroni bafika kuFaro, bathi kuye: “Isho kanje iNkosi uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ithi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? yekela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 10:3
28 Referans Kwoze  

Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,


Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.


“Ubonile yini ukuthi u-Ahabi uyazithoba phambi kwami na? Ngokuba ezithoba phambi kwami angiyikwehlisa okubi emihleni yakhe; kepha emihleni yendodana yakhe ngiyakwehlisela indlu yakhe okubi.”


Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,


Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na?


Yisho kuyo inkosi nakuyo indlovukazi ukuthi: “Hlalani phansi ngokuzithoba, ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi, umqhele wodumo lwenu.”


Uhlubukile izahlulelo zami ngokwenza okubi kunezizwe, nezimiso zami kunamazwe alihaqayo, ngokuba balahlile izahlulelo zami nezimiso zami, abahambanga ngazo.


Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi.


Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa, nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku.


Ningabe nisashaywa kuphi, nisaqhubeka ukwambuka, na? Lonke ikhanda liyagula, nayo yonke inhliziyo ibuthakathaka.


Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya; ukuthobeka kwandulela udumo.


Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo;


“Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na?


Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”


ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu ekuzweni kwakho amazwi akhe ngale ndawo nangabakhileyo kuyo, yebo, wazithoba phambi kwami, waziklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.


Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe, nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.


Lapho esekuhluphekeni, wanxusa kuJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.


U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.


“Koze kube nini le nhlangano embi ikhonona ngami na? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami.


UJehova wathi kuMose: “Niyakwala kuze kube nini ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?


Usabavimbela abantu bami, ungabavumeli ukuba bahambe, na?


bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


Ngiyakutshela: “Yiyeke indodana yami ukuba ihambe ingikhonze,” kepha awuyiyekanga; bheka, sengiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.’ ”


Ngokuba uma wenqaba ukuba abantu bami bahambe, bheka, ngomuso ngizakuletha isikhonyane ezweni lakho.


ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.


“Bizani abacibishelayo, balwe neBabele, bonke abansala umnsalo, nimise nxazonke zalo, lingabi nophunyukayo, niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengakho konke elikwenzileyo, ngokuba lizikhukhumezile kuJehova, oNgcwele ka-Israyeli.


“Nawe ndodana yakhe, Belishasari, awuthobanga inhliziyo yakho, noma wazi konke lokho,


Ngasemuva oMose no-Aroni bafika, bathi kuFaro: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangenzele umkhosi ehlane.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite