Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 10:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ababonananga; akusukanga muntu endaweni yakhe izinsuku zaze zaba ntathu; kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli kwakukhona ukukhanya emakhaya abo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Abantu babengakwazi ukubonana, akekho owakwazi ukusuka endaweni yakhe izinsuku ezintathu, kodwa kubo bonke abantu bakwa-Israyeli kwakunokukhanya lapho babehlala khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ababonananga, futhi izinsuku ezintathu akuvukanga muntu endaweni yakhe yokuhlala, kepha bonke abantwana bakwa-Israyeli kwakukhona ukukhanya ezindaweni zabo zokuhlala.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 10:23
15 Referans Kwoze  

“ ‘Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona, ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.


UJehova uyakwahlukanisa imfuyo yakwa-Israyeli nemfuyo yaseGibithe, kungafi lutho kukho konke okwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”


owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe;


Bese nibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.


Lapho bekhala kuJehova, wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibithe, waluhambisa ulwandle phezu kwabo, wabasibekela; amehlo enu abona engakwenzayo eGibithe; nahlala ehlane izinsuku eziningi.


Yafika phakathi kwempi yaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; kwakukhona ifu nobumnyama, noma ikhanya ebusuku, ukuze izimpi zingakwazi ukusondelana ubusuku bonke.


Ezweni laseGosheni kuphela, lapho babe khona abantwana bakwa-Israyeli, kwakungawi sichotho.


“Futhi ngagodla kini imvula, kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe, ngalinisa phezu komunye umuzi, komunye umuzi angilinisanga; esinye isiqephu saniselwa, nesiqephu esinganiselwanga sasha.


Zaphelela izinsuku eziyisikhombisa, selokhu uJehova eshayile umfula.


Nezanusi zenze njalo ngemilingo yazo ukuba ziveze omiyane, kepha zahluleka. Omiyane babe khona kubantu nasezinkomeni.


Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite