Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 10:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJehova wayesethi kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kube khona ubumnyama ezweni laseGibithe obuphatheka ngesandla.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho ngasezulwini ukuze kube mnyama eGibhithe, ubumnyama obuphathekayo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 INkosi yasisithi kuMozisi: Yelulela isandla sakho ezulwini, ukuze kube lobumnyama phezu kwelizwe leGibhithe, yebo, ubumnyama obuphathekayo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 10:21
23 Referans Kwoze  

nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,


Labo bayimithombo engenamanzi nezinkungu eziqhutshwa yisiphepho, abagcinelwe ubumnyama bobumnyama.


Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo, kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni, emigodini yobumnyama, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa,


Kungaba yihora lesithupha kwase kuba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye;


Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.


Wathuma ubumnyama, wenza kwaba mnyama, kepha baphambana namazwi akhe.


uphumputhe emini njengempumputhe iphumputha ebumnyameni; awuyikuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyikubakho muntu wokukusindisa.


Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kuwe isichotho ezweni lonke laseGibithe, phezu kwabantu, naphezu kwazinkomo naphezu kwayo yonke imifino ezweni lonke laseGibithe.”


bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.


ngokuba kufika ngeze, kumuke ebumnyameni, igama lakho lisitshekelwa ngubumnyama.


Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke.


Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi.


Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi, ingelosi kaJehova ibaxoshe.


Ingelosi yesine yayisibetha; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga, nokwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe, nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo, nobusuku ngokunjalo.


UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe, naphezu kwemifula, naphezu kweminonjana yabo, naphezu kweziziba, naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi,’ kube khona igazi ezweni lonke laseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.”


Lapho ngikucisha, ngiyakusibekela izulu, ngenze mnyama izinkanyezi, ngimboze ilanga ngefu, inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.


UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu,


UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?


Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite