Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 10:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UMose wayeselula induku yakhe phezu kwezwe laseGibithe; uJehova waletha umoya wasempumalanga ezweni ngalo lonke lolo suku nobusuku bonke; sekusile umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 UMose welula induku yakhe phezu kweGibhithe; uSimakade wayesethumela umoya wasempumalanga ezweni imini nobusuku, ekuseni umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UMose wayeselula intonga yakhe phezu kwezwe laseGibithe, uJehova waletha umoya wasempumalanga phezu kwezwe lolo suku lonke lobo busuku; kwathi sekusile, umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 10:13
11 Referans Kwoze  

Kepha abantu bamangala, bathi: “Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?”


Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Kodwa uJehova waphonsa umoya omkhulu elwandle, kwaba yisiphepho esikhulu elwandle; kwacatshangwa ukuthi umkhumbi uyakwaphulwa.


nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,


Wakhuluma, kwavela isikhonyane nezinkumbi ezingenakubalwa.


Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini; ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.


UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.


Bheka, nezikhwebu eziyisikhombisa ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.


Wanika imiswenya ukudla kwabo, nomsebenzi wabo isikhonyane.


izinkumbi azinankosi, kanti ziyaphuma zonke ngamaviyo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite