Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 1:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UNkulunkulu wabenzela ababelethisi okuhle; abantu banda, baba baningi kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 UNkulunkulu wabenzela okuhle ababelethisi; abantu banda, baba namandla amakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngakho uNkulunkulu wabaphatha kahle ababelethisi, futhi abantu banda baba namandla kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 1:20
17 Referans Kwoze  

ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;


Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye, ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.


Omubi uthola inzuzo yenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.


Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.


Abamesabayo ubapha ukudla; ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’


Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”


Onomusa kompofu utsheleka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.


Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.


Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.


Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo, ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.


Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami, wabanika ifa abalesaba igama lakho.


Kepha ngokubahlupha kwazo kwaba yikhona banda, basabalala; baba novalo ngabantwana bakwa-Israyeli.


Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona.


Ababelethisi bathi kuFaro: “Kungokuba amaHeberukazi engenjengabaseGibithe; anamandla, abeletha, engakafiki umbelethisi kuwo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite