Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 1:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho babeka phezu kwabo abaphathi bezisebenzi ukuze babacindezele ngemithwalo yabo. Bamakhela imizi eyingcebo uFaro, nePitomu, neRamesesi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 1:11
21 Referans Kwoze  

Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane.


Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile, waphuma, waya kubafowabo, wabuka imithwalo yabo; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu, omunye wabafowabo.


UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabapha indawo ezweni laseGibithe, izwe elihle kunalo lonke, izwe likaRamesesi, njengalokho uFaro ebayalile.


“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.


abaseGibithe basiphatha kabi, basihlupha, basithwesa ubugqili obulukhuni;


ukuthi obaba behlela eGibithe, sahlala eGibithe isikhathi eside; abaseGibithe basiphatha kabi thina nawobaba;


Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.


Nxa nilala phakathi kwezibaya, kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.


Wakha iTadimori ehlane, nayo yonke imizi yokubekelela ayakha eHamati.


nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona.


Zase zifika izinduna zabantwana bakwa-Israyeli, zakhala kuFaro, zathi: “Uziphathelani izinceku zakho kanje na?


Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle, yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo.


Baphuma-ke abaphathi babantu nezinduna zabo, bakhuluma kubantu, bathi: “UFaro usho uthi: ‘Angisayikuninika utshani.’


UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli; zanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Mayimi, nayo yonke imizi yokubekelela yakwaNafetali.


Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Kepha isilinganiso sezitini ekade besenza, bamiseleni sona, ningasinciphisi, ngokuba bayenqena; ngalokho bayakhala bathi: ‘Masihambe sihlabele uNkulunkulu wethu.’


Bangihluphile kakhulu, nokho abangahlulanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite