Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 9:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngesikhathi ngikhuphukele entabeni ukuyokwemukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uSimakade asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngangingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lapho ngenyukela entabeni ukwamukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, futhi angizange ngidle isinkwa, futhi angiphuzanga manzi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 9:9
17 Referans Kwoze  

Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga lutho, kaphuzanga manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi.


UMose wangena efwini, wakhuphukela entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.


Wavuka, wadla, waphuza, wahamba ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, waya entabeni kaNkulunkulu iHorebe.


UMose wayesekhuphukela entabeni, ifu lasibekela intaba.


UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, uhlale khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.”


Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.


“Ngawela phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yaso sonke isono senu enona ngaso ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.


Lokhu kungukufanekisa; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili, esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari.


Kepha wathi: “Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.”


“Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, intaba yavutha umlilo; izibhebhe zombili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili.


Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi, izibhebhe zamatshe, zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.


eline-altare legolide lokuthunqisa nomphongolo wesivumelwano umboziwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esiphethe imana*, nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;


Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.


“Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe zombili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano.


Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite