Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 9:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Khumbula izinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, nabubi babo, nasono sabo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Khumbula izinceku zakho u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, ububi babo, nesono sabo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Khumbula izinceku zakho, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ungabheki inkani yalaba bantu, nobubi babo, nesono sabo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 9:27
19 Referans Kwoze  

Ungasideleli ngenxa yegama lakho, ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho; sikhumbule, ungasaphuli isivumelwano sakho nathi.


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli, akuyikubakho, nezono zakwaJuda, kepha aziyikufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engibashiya ukuba babe yinsali.


Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi; ababi bayachithelwa ebubini.


Bangabi njengawoyise, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


Inkosi yami mayinganakekeli lowo muntu omubi uNabali, ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali* igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo.


Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”


Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.


“Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokunihambela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.


Wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.”


Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni, uNkulunkulu wakhumbula u-Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.


Ngakhuleka kuJehova, ngathi: ‘Jehova Nkulunkulu, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.


funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Lokhu uJehova wayengenamandla okubangenisa ezweni abathembise lona nangokuba wabazonda, ubakhiphile ukuba ababulale ehlane.”


ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe; nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.


kepha ngenxa yabo ngiyakukhumbula isivumelwano sawokhokho babo engabakhipha ezweni laseGibithe emehlweni ezizwe ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguJehova.’ ”


Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite