Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 9:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 “Nalapho uJehova enithuma, nisuka eKadeshi Barineya, ngokuthi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, analalela izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 “Nalapho uSimakade enithuma, nisuka eKadeshi Bharineya, ethi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaSimakade uNkulunkulu wenu, anaze nakholwa nguye, analilalela izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokunjalo lapho uJehova enithuma nisuka eKadeshi-Barineya ukuthi: ‘Khuphukani nilidle izwe engininike lona; nahlubuka emyalezweni kaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, anililalelanga izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 9:23
13 Referans Kwoze  

Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona, lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa.


Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu, abathembanga ensindisweni yakhe.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Kodwa ningahlubuki kuJehova, futhi ningesabi abantu balelo zwe; ngokuba bayisinkwa kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uJehova unathi; ningabesabi.”


kuyizinsuku eziyishumi nanye ukusuka eHorebe ngendlela yasentabeni yaseSeyiri ukuya eKadeshi Barineya.


Wayesethi: ‘Ngiyakubafihlela ubuso bami, ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini; ngokuba bayisizwe esiphambeneyo, abantwana okungekho kubo ukukholwa.


Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo, yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobo busuku.


Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibithe, noma sengathi nga safa kuleli hlane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite