Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 9:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi: ‘Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 “USimakade wabuye wakhuluma kimi, wathi: ‘Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi uJehova wakhuluma kimi, wathi: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abanenkani.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 9:13
12 Referans Kwoze  

Ngalokho sokani ijwabu lezinhliziyo zenu, ningabe nisaba ntamo ilukhuni.


Yazi-ke uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki leli zwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni.


Kepha abalalelanga; benza lukhuni intamo yabo njengentamo yawoyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo.


Ngokuba mina ngiyakwazi ukwambuka kwakho nentamo yakho elukhuni; bheka, ngisekhona nani namuhla niyahlubuka uJehova; kuyakuba kakhulu kangakanani emva kokufa kwami na?


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


Endlini yakwa-Israyeli ngibonile into eyesabekayo: kukhona ubufebe kwa-Efrayimi, u-Israyeli ungcolile.


Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho, ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho, ngikubonile emagqumeni asendle. Maye kuwe Jerusalema! Awuyikuhlambuluka koze kube nini na?”


Le ndlu ebizwe ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyakubona, usho uJehova.


“Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma; Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.


Ngalokho ngiyakwehla, ngibone ukuba benzile impela konke njengokwesikhalo esesifikile kimi; uma kungenjalo, ngiyakukwazi.”


UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite