Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 8:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 inhliziyo yakho bese yiphakama, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 bese inhliziyo yakho iqhosha, umkhohlwe uSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Khona inhliziyo yakho iziphakamisile, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, endlini yobugqila;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 8:14
22 Referans Kwoze  

Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,


Kepha lapho eseziqinisile, inhliziyo yakhe yazikhukhumeza kwaze kwaba ngukubhubha kwakhe, waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaNkulunkulu ukuba ashise impepho e-altare lempepho.


Xwaya, funa ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla,


“Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova. “Bengiyihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye, na? Basholoni abantu bami ukuthi: ‘Sesidlubulundile, asisayikubuyela kuwe,’ na?


Abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane ezweni lezingwadule nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona, na?’


Kepha uHezekiya akabuyiselanga okuhle okwenzelwe yena, ngokuba inhliziyo yakhe yayikhukhumele; ngalokho kwaba khona ulaka phezu kwakhe, naphezu kukaJuda, naphezu kweJerusalema.


inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.


lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga,


“Kepha xwaya, ugcine kahle umphefumulo wakho, funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho, zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho; bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana bakho:


kwandile izinkomo zakho nezimvu zakho, kwandile nesiliva lakho negolide lakho, kwandile konke onakho,


Umchithile impela u-Edomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”


babeke ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe.


Basutha njengamadlelo abo; basutha, nenhliziyo yabo yaphakama; ngalokho bangikhohliwe.


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


“ ‘NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo embiweyo ongayimbanga, nezivini neminqumo ongakutshalanga, nalapho udla usuthe,


“Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho, noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo,’ wena nawoyihlo,


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali no-Ashitaroti.


aniyikukhohlwa isivumelwano engisenzile nani, ningesabi abanye onkulunkulu;


abacabanga ukwenza ukuba abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngenxa kaBali, na?


Kepha isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyikuba namandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite