Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Kuyakuthi ngokuba nilalela lezi zahlulelo, nizigcine, nizenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakugcina isivumelwano nawe nomusa awufungela oyihlo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “Kuyothi uma nilalela lezi zehlulelo, nizigcina, nizenza, uSimakade uNkulunkulu wakho uyakusigcina isivumelwano asenza nawe nomusa afunga ngawo kokhokho bakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 “Kuyakuthi, uma ulalela lezi zimiso, uzigcine, uzenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakukugcinela isivumelwano nomusa akuthembisa oyihlo ngesifungo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 7:12
19 Referans Kwoze  

Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusa owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.


njengalokho akusho kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.”


wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


Ngalokho uyakugcina imiyalo, nezimiso, nezahlulelo engikuyala ngakho namuhla ukukwenza.


“Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,


bafeze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo; kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe. Haleluya!


ukuba ngisiqinise isifungo engasifunga koyihlo ukubanika izwe elichichima ubisi nezinyosi’ – njenganamuhla.” Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Jehova.”


Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.’


kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.


wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,


ngathi: “Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,


“Ngalokho, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina, namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.


kubo abagcina isivumelwano sakhe bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.


Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “O Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite