Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 6:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala, nalapho uvuka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kumelwe ulifundise ngenkuthalo abantwana bakho futhi ukhulume ngalo lapho uhlezi endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 6:7
29 Referans Kwoze  

Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.


Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.


Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.”


Mayikuhole ekuhambeni kwakho, ikulondoloze ekulaleni kwakho, ikhulume kuwe ekuvukeni kwakho.


Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.


Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.


Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.


Ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi, kepha umlomo weziwula uphafuza ubuwula.


Abadlulayo abasho ukuthi: “Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu; siyanibusisa egameni likaJehova.”


Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.


Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema;


Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha; ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.


UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, uphiwe umvuzo opheleleyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuba uphephele phansi kwamaphiko akhe.”


Bheka, uBowazi wafika evela eBetlehema, wathi kwabavunayo: “UJehova makabe nani.” Bathi kuye: “UJehova makakubusise.”


Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.


Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.


bona abayikukufundisa yini, bakutshele, bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo, na?


Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite