Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 6:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UJehova wasiyala ukwenza zonke lezo zimiso, simesabe uJehova uNkulunkulu wethu, kube kuhle kithi njalo, ukuba asiphe siphile njenganamuhla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 USimakade wasiyala ukuba senze zonke lezo zimiso, simesabe uSimakade uNkulunkulu wethu, ukuze kube kuhle kithi njalo, asigcine siphilile njengoba kunjalo namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UJehova wasiyala ukwenza zonke lezi zimiso, simesabe uJehova uNkulunkulu wethu, kube kuhle kuze kube phakade, ukuze asigcine ekuphileni njenganamuhla.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 6:24
20 Referans Kwoze  

ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


UJehova uyakumlondoloza, amphilise; uyakubusiswa emhlabeni; awuyikumnikela entandweni yezitha zakhe.


Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye, ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.


Ngokuba uMose uloba ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni uyakuphila ngakho.


“Yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo.


“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.


Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova uyingcebo, nodumo, nokuphila.


Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma udelela, uyakukuthwala wena wedwa.”


ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.


Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.


Kodwa nina enanamathela kuJehova uNkulunkulu wenu nisekhona nonke nanamuhla.


Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.”


UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukuba anivivinye, ukumesaba kube semehlweni enu, ukuze ningoni.”


wasikhipha lapho ukuba asingenise ukusinika izwe alifungela obaba.


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


UJehova uyakumphasa ecansini egula; wena uyakuguqula ukhukho lwakhe ekuguleni kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite