Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 6:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Nanku umyalelo, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wenu ayala ukuba nikufundiswe, futhi nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu aniyala ngakho ukuba nizifundiswe, nizenze ezweni eningena kulo ukulidla;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 6:1
16 Referans Kwoze  

“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


“Lezi ziyizimiso nezahlulelo eniyakugcina ukuzenza ezweni uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akunike lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni.


yibo ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uMose akukhulumayo kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe,


Kepha wena, yima lapha ngakimi, ngikhulume kuwe yonke imiyalo, nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa khona ukuba bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.’


Leyo iyimiyalo uJehova ayala ngayo uMose ngabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi.


“ ‘Inceku yami uDavide iyakuba yinkosi phezu kwabo, kube ngumalusi munye kubo bonke; bayakuhamba ezahlulelweni zami, bagcine izimiso zami, bazenze.


UJehova wanginika ngaleso sikhathi ukunifundisa izimiso nezahlulelo ukuba nizenze ezweni eningena kulo ukulidla.


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.


Leyo iyimiyalo nezahlulelo uJehova ayala ngakho ngesandla sikaMose abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.


“Yilezi izahlulelo ozakuzimisa phambi kwabo.


Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho.


NginguJehova uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze,


“Qaphelani konke lokho engikushilo kini, ningaphathi igama labanye onkulunkulu; lingezwakali liphuma emlonyeni wakho.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite