Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 USimakade uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 5:2
16 Referans Kwoze  

Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.


UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: “Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawa mazwi.”


Ngenyanga yesithathu emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi.


Wayesethi: “Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza.


Nanka amazwi esivumelwano uJehova amyala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.


kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova.


“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yeziboshwa, ngathi:


“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngaye wonke u-Israyeli, waba yizimiso nezahlulelo.


“UJehova uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebe, wathi: ‘Sekuyisikhathi eside nihlale kule ntaba;


Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze, imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.


uJehova enza nabo isivumelwano, wabayala wathi: “Aniyikwesaba abanye onkulunkulu, ningakhothameli kubo, ningabakhonzi, ningabahlabeli;


engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, isithando sensimbi,’ ngokuthi: ‘Zwanini izwi lami, nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite