Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezehlulelo engizisho ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde bese uqikelela ukuzenza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UMose wabiza wonke u-Israyeli, wathi kubo: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zenu namuhla ukuba nifunde, nizigcine, nizenze.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 5:1
17 Referans Kwoze  

“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi;


“Nimi namuhla nonke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, nezizwe zenu, namalunga enu, nezinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,


UMose wabiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nibonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakhe:


Lawa angamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ehlane e-Araba, malungana neSufi, phakathi kwePharanu, neThofeli, neLabani, neHaseroti, neDi Zahabi,


ubafundise izimiso nemithetho, ubatshengise indlela abayakuhamba ngayo, nomsebenzi abayakuwenza.


nalo lonke i-Araba ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kuze kube seLwandle lwase-Araba phansi kwemithambeka yasePisiga.


UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe.


babeke ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe.


wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.


Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.


“Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imfanelo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


“Lezi ziyizimiso nezahlulelo eniyakugcina ukuzenza ezweni uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akunike lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni.


iyakuba kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba azenze,


“Kuyakuthi uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zikwehlele, zikufice.


Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite