Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 4:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Kepha xwaya, ugcine kahle umphefumulo wakho, funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho, zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho; bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana bakho:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kuphela ziqaphele, ulonde umphefumulo wakho, ukuze ungakhohlwa akubonayo amehlo akho, kungasuki enhliziyweni yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; kodwa uzifundise amadodana akho lamadodana amadodana akho;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 4:9
47 Referans Kwoze  

ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.


Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.


Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.”


wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.


Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


“Izimfihlakalo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kepha okwambuliweyo kungokwethu nokwabantwana bethu kuze kube phakade ukuba siwenze onke amazwi alo mthetho.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.


Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko,


Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.


Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe.


Ndodana yami, lokho makungasuki emehlweni akho, ugcine ukuhlakanipha namasu,


Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nxa abantwana benu beyakubuza oyise ngesikhathi esizayo, bethi: ‘Ayini lawa matshe na?’


Ndodana yami, gcina amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami.


thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? – okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,


Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.


Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.


Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi,


“Ngalokho zilobeleni leli hubo, ulifundise abantwana bakwa-Israyeli, ulibeke emilonyeni yabo ukuba leli hubo libe ngufakazi wami ukumelana nabantwana bakwa-Israyeli.


Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho.”


Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho, angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.”


“Gcinani kahle imiphefumulo yenu, lokhu ningabonanga simo ngalolo suku uJehova akhuluma ngalo kini eHorebe ephakathi komlilo,


ukuze utshele indodana yakho ezindlebeni nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe, nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.”


“Qaphelani konke lokho engikushilo kini, ningaphathi igama labanye onkulunkulu; lingezwakali liphuma emlonyeni wakho.


usuku owema ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe, lapho uJehova wathi kimi: ‘Ngibuthele abantu, ngibezwise amazwi ami ukuba bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, bafundise nabantwana babo.’


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


“Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu aniyale ngakho na?’


Xwaya, funa ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla,


inhliziyo yakho bese yiphakama, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila,


“Lezi ziyizimiso nezahlulelo eniyakugcina ukuzenza ezweni uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akunike lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni.


Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokunonopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


iyakuba kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba azenze,


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali no-Ashitaroti.


Abantwana bakwa-Israyeli babengakhumbuli uJehova uNkulunkulu wabo owabophula esandleni sezitha zonke zabo nxazonke.


usho kanje uJehova, uthi: Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha, ningawungenisi ngamasango aseJerusalema;


Qaphelisisani ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu.


Ubona izinto eziningi, kepha awuqapheli; izindlebe zakhe zivulekile, kepha akezwa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite