Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 4:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

40 Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Ugcine izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla ukuba kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho, zande izinsuku zakho emhlabeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 4:40
34 Referans Kwoze  

Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukuba kube kuhle kuwe, nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.


ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni.


Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.


Ungalidli ukuba kube kuhle nakubantwana bakho emva kwakho, lapho wenza okulungile emehlweni kaJehova.


“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


“Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.


kepha uvumele unina ukuba asuke, wena uzithathele amazinyane ukuba kube kuhle kuwe, uzandise izinsuku zakho.


Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kube kuhle kuwe, ungene ulidle lelo zwe elihle uJehova alifungela oyihlo


engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, isithando sensimbi,’ ngokuthi: ‘Zwanini izwi lami, nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu,


Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’


“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.


“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.


Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.


Akuyikuba khona ophunzayo noyinyumba ezweni lakini; ngiyakuliphelelisa inani lezinsuku zakho.


UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli wakwaMidiyani, umukhwe kaMose: “Siya endaweni ashilo ngayo uJehova, wathi: ‘Ngiyakuninika yona.’ Woza wena, uhambe nathi, siyakukwenzela okuhle, ngokuba uJehova ukhulumile okuhle ngo-Israyeli.”


Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, ninganciphisi futhi kulo, ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi.


Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”


Imigoqo yakho iyakuba ngeyensimbi neyethusi, nanjengezinsuku zakho oba njalo amandla akho.


ukuba baqaphele izimiso zakhe, bagcine imithetho yakhe. Haleluya!


ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;


“Kusukela lapho akusayikuba khona ingane yezinsuku nje nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.


ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.


“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.


kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.


Woba nesisindo esipheleleyo nesilungileyo, futhi ube nesilinganiso esipheleleyo nesilungileyo ukuba izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.


UJeremiya wathi kuyo indlu yamaRekabi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngenxa yokuba niwulalele umyalo kaJonadaba uyihlo, nagcina yonke imiyalo yakhe, nenza ngakho konke aniyala ngakho,’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite