Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 4:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi komlilo, njengalokho wena uzwile, baphile, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi emlilweni, njengalokho ulizwile, baphila na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma liphakathi komlilo, njengalokho nina nizwile, baphile, na?

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 4:33
13 Referans Kwoze  

Wayesebona uGideyoni ukuthi iyingelosi kaJehova; uGideyoni wathi: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ngokuba ngibonile ingelosi kaJehova ubuso nobuso.”


nathi: ‘Bheka, uJehova uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo; sibonile namuhla ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.


Wathi: “Awunakubona ubuso bami, ngokuba akukho muntu ongangibona, aphile.”


Ngokuba ngubani enyameni yonke ozwile njengathi izwi likaNkulunkulu ophilayo livela phakathi komlilo, waphila, na?


Akasibekanga isandla sakhe kuzo izikhulu zabantwana bakwa-Israyeli; sebembonile uNkulunkulu badla, baphuza.


UJehova wanginika lezo zibhebhe ezimbili zamatshe, zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwe kuzona njengamazwi onke uJehova awakhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana.


UJehova wayesethi kuMose: “Yisho kanje kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nibonile nani uqobo ukuthi ngikhulumile kini ngisezulwini.


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wena wezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


UJehova wakhuluma kinina ubuso nobuso entabeni ephakathi komlilo.


“Lawo mazwi uJehova wawakhuluma kuyo yonke inhlangano yenu entabeni, evela phakathi komlilo, nefu, nesigayegaye, ngezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite