Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 4:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Qaphelani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uSimakade uNkulunkulu wakho akuyala ngayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ziqapheleni ukuba ningakhohlwa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu asenza nani, nizenzele isithombe esibaziweyo noma umfanekiso wakho konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenqabele ngakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 4:23
26 Referans Kwoze  

“Kepha xwaya, ugcine kahle umphefumulo wakho, funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho, zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho; bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana bakho:


Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;


UJesu waphendula, wathi kubo: “Qaphelani ningadukiswa muntu.


“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza kuwe njengalokho okwenzileyo, udelele isifungo, waphula isivumelwano.


Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo, ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.


Khumbulani isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,


Uma neqa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu akuyala ngaso, niye nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele, intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.”


Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engalifungela oyise, elivame ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami.


“Bese kuthiwa: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wawoyise asenzayo nabo ekubakhipheni kwakhe ezweni laseGibithe,


Wathi: “Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye;’ bathi futhi: ‘Isikhathi sesisondele;’ maningabalandeli.


Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”


Koze kube nini uhambahamba wena ndodakazi ehlubukayo na? Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda.”


Qaphelisisani ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu.


UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke u-Israyeli, bathi: “Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.


xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


“Qaphelani konke lokho engikushilo kini, ningaphathi igama labanye onkulunkulu; lingezwakali liphuma emlonyeni wakho.


lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga,


“Nxa uyakuzala abantwana nabantwana babantwana, nanxa senihlale isikhathi eside ezweni, none, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,


“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese.’ “Bonke abantu bayakuphendula bathi: ‘Amen.’


aniyikukhohlwa isivumelwano engisenzile nani, ningesabi abanye onkulunkulu;


“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngaye wonke u-Israyeli, waba yizimiso nezahlulelo.


UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe.


Ungazimiseli nansika uJehova uNkulunkulu wakho ayizondayo.


Ngangena, ngabona; bheka, zonke izimo zezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilwane ezinengekayo, nazo zonke izithombe zendlu ka-Israyeli kudwetshiwe odongeni nxazonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite