Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 33:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Nalokhu wathi ngoJuda: “Yizwa, Jehova, izwi likaJuda, umlethe kubantu bakubo; izandla zakho mazimlwele, ube lusizo kwabamelene naye.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 “Washo lokhu ngoJuda: ‘Yizwa, Simakade, yizwa izwi likaJuda, umlethe kwabakubo; izandla zakho zimlwele, umsize kwabamelene naye.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lesi kwakuyisibusiso sikaJuda, wathi: “Yizwa, Jehova, izwi likaJuda, umlethe kubantu bakhe; izandla zakhe mazimnele; futhi ube usizo kuye ezitheni zakhe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 33:7
28 Referans Kwoze  

Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.


Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.


Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”


Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo, ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe


Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.


Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele, akusekele ngamandla aseSiyoni.


“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”


Yakhetha uDavide inceku yayo, yamthabatha ezibayeni zezimvu.


Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda, intaba yaseSiyoni eyithandayo.


Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.


Ngokuba imihla ngemihla bafika kuDavide ukumsiza, kwaze kwaba yimpi enkulu njengempi kaNkulunkulu.


Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, usheshe, ngokuba kuyilapho uJehova eyakube ephumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.”


UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?” UJehova wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”


Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zasho zathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.


Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo.


“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.


“Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.


Leli liyifa lesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo.


Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite