Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 33:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 NgoJosefa wathi: “Izwe lakhe malibusiswe nguJehova ngamagugu asezulwini, nangamazolo, nangotwa olwenabileyo phansi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 “NgoJosefa wathi: ‘Izwe lakhe malibusiswe nguSimakade ngamagugu asezulwini, ngamazolo, ngotwa olwenabileyo phansi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 NgoJosefa wathi: “Libusiswe nguJehova izwe lakhe phezu kwezinto eziyigugu zezulu, naphezu kwamazolo naphezu kukazamcolo wamanzi alele phansi;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 33:13
20 Referans Kwoze  

Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi njengamazolo avela kuJehova, ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu, zingahlaleli abantwana babantu.


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakukhahlela njengomnduze, enabise izimpande zakhe njengeLebanoni.


Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi: “Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami, njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga, njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.”


Ukufutheka kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.


Ngokwazi kwakhe izintwa zaqhekezwa, namafu aconsa amazolo.


“Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.


Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.


Impande yami iyazivulela amanzi; amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;


Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula, inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini,


UJosefa wathi kuye: “Ngamadodana ami angiphe wona lapha uNkulunkulu.” Wayesethi: “Ake uwalethe kimi, ngiwabusise.”


“Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami.


Wasondela wamanga, wahogela iphunga lezingubo zakhe, wambusisa wathi: “Bheka, iphunga lendodana yami linjengephunga lensimu ebusisiwe nguJehova.


U-Isaka uyise waphendula, wathi kuye: “Bheka, umuzi wakho uyakuba kude namanoni omhlaba namazolo ezulu avela phezulu.


Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwa-Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi:


nangamagugu ezithelo zelanga, nangamagugu ezinhlamvu zenyanga,


U-Israyeli usehlezi elondekile; umthombo kaJakobe wahlukene wodwa ezweni lamabele nelewayini; yebo, amazulu akhe aconsisa amazolo.


Mdumiseni uJehova emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite