Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 33:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 NgoBenjamini wathi: “Othandiweyo kaJehova uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “NgoBhenjamini wathi: ‘Othandiweyo kaSimakade uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 NgoBhenjamini wathi: “Othandiweyo kaJehova uyakuhlala naye elondekile; uJehova uyakumsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 33:12
24 Referans Kwoze  

waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga.


Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela, uphephele phansi kwamaphiko akhe; ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.


Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho, ngikusibekele emthunzini wesandla sami, ukuze ngiwatshale amazulu, ngisibeke isisekelo somhlaba, ngithi kulo iSiyoni: ‘Wena uyisizwe sami.’ ”


“Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.”


nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi: “Ikudelele, yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.


URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha indlu yakwaJuda noBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihiyagalombili, amabutho, ukuba balwe no-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu.


URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili, amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni.


Kepha lapho niwela iJordani, nihlale ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona libe yifa lenu, aniphumuze ezitheni zenu zonke nxazonke ukuba nihlale nilondekile,


“Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade; lapha ngiyakuhlala khona, ngokuba ngiyifunile.


Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.


Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo.


Esizweni sakwaBenjamini: ngu-Elidadi indodana kaKisiloni.


Lokhu ebethanda oyihlo wakhetha inzalo yabo emva kwabo, wakukhipha yena uqobo ngamandla akhe amakhulu eGibithe


Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamazinyane alo, wawelula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngezimpaphe zakhe.


Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.”


Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.


USamuweli wayesesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwadliwa isizwe sakwaBenjamini.


UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe, wangena kuye, walala naye; wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSolomoni. UJehova wamthanda.


Wathuma ngesandla sikaNathani umprofethi, wambiza ngokuthi uJedidiya* ngenxa kaJehova.


“Ngiyishiyile indlu yami, ngililahlile ifa lami, nginikele othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite