Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 33:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-altare lakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Bafundisa uJakobe izehlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-althare lakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Bayakufundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; bayonikela ngempepho phambi kwakho neminikelo yokushiswa e-altare lakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 33:10
37 Referans Kwoze  

Khona uyakuyijabulela iminikelo yokulunga eshiswayo neshiswa yonke; khona bayakunikela ngezinkunzi phezu kwe-altare lakho.


nize nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”


Lapho seziphelile izinsuku, kuyakuba ngosuku lwesishiyagalombili naphambili ukuba abapristi bayilungise iminikelo yenu yokushiswa e-altare neminikelo yenu yokuthula, nginamukele, isho iNkosi uJehova.”


Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-altare lami, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israyeli.


Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,


ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.


Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.


Wafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu imihla ngemihla kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lokugcina. Bagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kwakungumhlangano ozothileyo njengomthetho.


UHezekiya wakhuluma kahle kuwo onke amaLevi ayebonakalisa ukuqonda inkonzo kaJehova. Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa, benikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula, bembonga uJehova uNkulunkulu wawoyise.


bamelana no-Uziya inkosi, bathi kuye: “Akusikho okwakho, Uziya, ukushisela uJehova impepho, kungokwabapristi, amadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho; phuma endlini engcwele, ngokuba wenze isiphambeko; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.”


“Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise, wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo.


UMose wathi ku-Aroni: “Thatha umcengezi wakho womlilo, ubeke kuwo umlilo wase-altare, ufake impepho ngaphezulu, ukuyise masinyane kuyo inhlangano, uyenzele ukubuyisana, ngokuba kuphume intukuthelo kuJehova; isifo sesiqalile.”


ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.


awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


Wothabatha umcengezi womlilo ogcwele amalahle omlilo ase-altare phambi kukaJehova, izandla zakhe zigcwele impepho ethaphukayo icolisisiwe, akulethe ngaphakathi kwesihenqo,


abeke impepho emlilweni phambi kukaJehova ukuba ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi;


nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,


Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.”


ngokuba u-Ezra wayebhekise inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.


“AmaLevi ayakuphendula, athi kuwo onke amadoda akwa-Israyeli ngezwi elikhulu:


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake ubabuze abapristi ngomthetho, uthi:


Uma umuntu ephethe inyama engcwele emphethweni wengubo yakhe, ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla, noma iwayini, noma amafutha, noma yikuphi ukudla, kuyakuba ngcwele na?’ ” Abapristi baphendula bathi: “Qha.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite