Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngokuba isabelo sikaSimakade singabantu bakhe. UJakobe uyisifunda sefa lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; UJakobe uyisiphetho sefa lakhe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:9
28 Referans Kwoze  

Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke, yebo, nesizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Ngokuba wena wabahlukanisa nabantu bonke bomhlaba, babe yifa lakho, njengalokho wakhuluma ngesandla sikaMose inceku yakho ekukhipheni obaba eGibithe, Nkosi Jehova.”


Ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ezweni laseGibithe nasesithandweni sensimbi,


laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami.


Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.


Esalandele izimvukazi ezenyisayo, yamthabatha ukuba abeluse abantu bayo uJakobe, nefa layo u-Israyeli.


ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,


Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho ebandleni likaJehova.


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Angithi uJehova ukugcobile ukuba ube ngumholi wefa lakhe na?


Bayehlelwa luvalo nokwesaba; ngokobukhulu bengalo yakho bathulisa okwetshe, baze bawele abantu bakho, Jehova, baze bawele abantu bakho obathengileyo.


Wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, iNkosi mayihambe iphakathi kwethu, ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.”


Ngokuba inkosi iyakuzwa, yophule incekukazi yayo esandleni somuntu oyakungichitha mina nendodana yami efeni likaNkulunkulu.’


Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubaluse, ubathwale kuze kube phakade.


Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo, owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho, nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.


Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe; ifa lakhe laba yisinengiso kuye.


UJehova uyakudla ifa lakwaJuda, libe yisabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye akhethe iJerusalema.


Nokho bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.’


ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu nguye owasikhuphula thina nawobaba ezweni laseGibithe, indlu yobugqila, nowazenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu, wasilondoloza endleleni yonke esahamba ngayo, naphakathi kwabo bonke abantu esadlula phakathi kwabo.


Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?”


Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova, isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe.


ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.


uJehova Sebawoti ababusisa ngaso, ethi: “Malibusiswe iGibithe abantu bami, ne-Asiriya umsebenzi wezandla zami, no-Israyeli ifa lami.”


Nguye okwenzele inkatho; yisandla sakhe esikwabele ngentambo; kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade, izizukulwane ngezizukulwane kuyakuhlala kulo.


Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo, kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite