Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizwe njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Lapho oPhezukonke ehlukanisela izizwe ifa labo, lapho ehlukanisa abantwana bakwa-Adamu omunye nomunye, wamisa imingcele yabantu ngokwesibalo sabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:8
23 Referans Kwoze  

wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.’


Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.


Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.


Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke nohlezi emthunzini kaSomandla


U-Ebere wazala amadodana amabili; igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane.


UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,


“Kodwa oPhezukonke akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla njengokusho komprofethi ukuthi:


“E nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;


Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu, ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’


Mina ngathi: “Ningonkulunkulu nina,” nonke ningamadodana oPhezukonke.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;


Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.


ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, owazi ukwazi koPhezukonke, obonile umbono kaSomandla, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:


Ngokuba ngisesiqongweni samadwala ngiyambona, ngisemadulini ngiyambuka; bheka, kungabantu abahlala bodwa, abangayikubalwa phakathi kwezizwe.


U-Israyeli usehlezi elondekile; umthombo kaJakobe wahlukene wodwa ezweni lamabele nelewayini; yebo, amazulu akhe aconsisa amazolo.


Nguwena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba; nguwe owenza ihlobo nobusika.


Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho ebandleni likaJehova.


Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo, kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo.


ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani libe yisabelo sefa lakho,


zona ezaphiwa zodwa izwe, kungadabulanga kuzo umfokazi ngokuthi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite