Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:47 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

47 Ngokuba leli lizwi alisiwo amampunge nje kini, lingukuphila kwenu; ngalawa mazwi niyokwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani, ukuba nilidle.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

47 Ngoba kakusilo ize kini; ngokuba lokhu kungukuphila kwenu; futhi ngale ndaba niyakwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuyolidla.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:47
24 Referans Kwoze  

ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo.


Ngalokho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo; nginguJehova.


Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, lapho sanazisa amandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa sasingababonayo amandla obukhosi bakhe.


kube ngukuphila emphefumulweni wakho nomusa entanyeni yakho.


Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,


Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.


“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.


Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.


Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona.


Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’


Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”


Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.


Imigoqo yakho iyakuba ngeyensimbi neyethusi, nanjengezinsuku zakho oba njalo amandla akho.


Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Ngifuneni, niphile.


ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.


nokuba abantwana babo abangawaziyo bezwe, bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu isikhathi sonke sokuhlala kwenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”


Bambelela ekulayweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite