Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:42 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 “Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama, ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa, kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

42 “Imicibisholo yami ngiyoyidakisa ngegazi, inkemba yami idle abantu, ngegazi lababuleweyo nabathunjiweyo, kuqala enhlokweni yabaholi bezitha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

42 Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama; futhi lokhu ngegazi lababuleweyo kanye neziboshwa, kusukela ekuqaleni kokuphindisela esitheni.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:42
16 Referans Kwoze  

“ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko, ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo.


Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti, usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye. Inkemba iyakudla isuthe, izanelise ngegazi labo, ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomhlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.


INkosi isinjengesitha, imgwinyile u-Israyeli; yagwinya zonke izindlu zakhe zobukhosi, yachitha izinqaba zakhe; yandisile endodakazini yakwaJuda ukukhala nokulila.


“Yazisani eGibithe, nizwakalise eMigidoli, nizwakalise naseNofi naseThahipanesi, nithi: ‘Suka ume, uzilungise, ngokuba inkemba iyadla nxazonke zakho.’


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya, ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile.


“Kuyakuthi lapho ubatshela laba bantu onke lawa mazwi, basho kuwe ukuthi: ‘UJehova ukhulumeleni phezu kwethu konke lokhu okubi na? Ububi bethu buyini? Yisiphi isono esone ngaso kuJehova uNkulunkulu wethu na?’


ukuba unyawo lwakho ulucwilise egazini, ulimi lwezinja zakho lube nesabelo salo ezitheni.”


Imicibisholo yakho ibukhali, izizwe ziyawa phansi kwakho; isenhliziyweni yezitha zenkosi.


Usithelani ubuso bakho, ungishaye isitha, na?


Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva, nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.


Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini; bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.


Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye, nenyama enokuthula ayikho.


Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite