Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu; nezitha zethu ziyakubona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 Impela idwala labo alifani neDwala lethu; nezitha zethu ziyakuvuma lokho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu, nezitha zethu zingabahluleli.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:31
15 Referans Kwoze  

Maye kithina! Ngubani oyakusophula esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yilaba onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izifo ehlane.


Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: “Masibaleke ebusweni buka-Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.”


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa le mfihlakalo.”


“Akakho ongcwele njengoJehova, ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho; futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.


Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe iquba, ngokuba akakho omunye unkulunkulu ongophula ngale ndlela.”


usekulethile uJehova, wakwenza njengokukhuluma kwakhe, ngokuba nonile kuJehova, kanililalelanga izwi lakhe; ngalokho le nto inehlele.


Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu wakhe makabe naye, akhuphukele eJerusalema lakwaJuda, akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, yena onguNkulunkulu waseJerusalema.


Ayikho imilingo engamelana noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.


Ngingamqalekisa kanjani ongaqalekiswanga nguNkulunkulu na? Ngingamdlelesela ongadleleselwanga nguNkulunkulu na?


Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?


Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo, nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela,”* usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni, nosithando sakhe siseJerusalema.


U-Aroni wayeselula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka-ke, asibekela izwe laseGibithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite