Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 Uma bebehlakaniphile bebeyakukuqonda lokhu, baqonde nesiphetho sabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 O, ukube bebehlakaniphile, bakuqonde lokhu, bakuqaphele ukuphela kwabo;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:29
18 Referans Kwoze  

“Sengathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’


Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.


Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu; bayakuqonda umusa kaJehova.


Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo.


Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?


Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Intendele efukamela ingazalanga, unjalo owenza ingcebo ngokungalungi; iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe, abe yisiwula ngasekugcineni.


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.


Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.


‘Ake nikubeke ezinhliziyweni zenu, kusukela kulolu suku nangaphambili, kwasosukwini lwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye, kwasosukwini okwabekwa ngalo isisekelo sethempeli likaJehova, yebo, nikubeke ezinhliziyweni zenu.


Ngubani phakathi kwenu obeka indlebe kulokhu, aqaphele, ezwele isikhathi esizayo, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite