Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha, funa abamelene nabo baduke, funa bathi: “Isandla sethu siphakeme, uJehova akenzanga konke lokhu.” ’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 kungenjalo, ngesaba ukuchukuluzwa yisitha, funa abamelene nabo baqonde, bathi: “Izandla zethu eziphakamile, akusiye uSimakade owenze konke lokhu.” ’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Akukhona yini ukuthi ngesaba ulaka lwesitha, ukuthi izitha zabo zazingayikwenza isimangaliso, nokuthi zathi: ‘Isandla sethu siphakeme, futhi uJehova akenzanga konke lokhu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:27
24 Referans Kwoze  

Ungazivumeli, Jehova, izifiso zababi; ungaphumelelisi amacebo abo, funa baziphakamise. Sela*


Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe.


Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?”


AbaseGibithe bayakusholoni ukuthi: ‘Wabakhiphela okubi ukuba ababulale ezintabeni, abaqothule ebusweni bomhlaba.’ Phenduka olakeni lwakho oluvuthayo, uguquke kulobu bubi ngakubantu bakho.


Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Ngokuba bangishiyile, benze le ndawo ukuba ibe ngeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, abangabazanga, bona nawoyise namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala,


Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo.


“Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.”


“Niyakukhuluma kanje kuHezekiya, inkosi yakwaJuda, nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.


“ ‘Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza, ngokuba igama lami lingcoliselwani na? Anginiki omunye inkazimulo yami.


funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Lokhu uJehova wayengenamandla okubangenisa ezweni abathembise lona nangokuba wabazonda, ubakhiphile ukuba ababulale ehlane.”


Wayesesondela umuntu kaNkulunkulu, wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngokuba ama-Aramu eshilo ukuthi uJehova ungunkulunkulu wezintaba, kasiye unkulunkulu wezigodi, ngiyakusinikela sonke lesi sixuku esikhulu esandleni sakho, nize nazi ukuthi nginguJehova.’ ”


Maqondana nesihlungu sabangizungezayo mabambozwe ngububi bomlomo wabo.


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe isiluleko sami, unqamule izono zakho ngokulunga, nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe kungelulwa ukuthula kwakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite