Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ngaphandle inkemba iyakwaphuca, ingebhe phakathi emakamelweni: izinsizwa nezintombi, oncelayo kanye nempunga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Emigwaqweni inkemba iyodla lubi, emakamelweni kubhoke uvalo: ezinsizweni nasezintombini, koncelayo nasempungeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Inkemba evela ngaphandle nokwesaba okuvela ngaphakathi kuyobhubhisa insizwa kanye nentombi, nosane kanye nendoda esempunga.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:25
17 Referans Kwoze  

“Yinkemba ngaphandle, yisifo nendlala ngaphakathi; osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini uyakuqedwa yindlala nesifo.


“Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela. Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka. Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa.


Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba.


Ulimi loncelayo lunamathela olwangeni lwakhe ngokoma. Izingane zicela isinkwa, kepha akakho ozihlephulelayo.


Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezindlini zethu zamakhosi ukunquma abantwana ezitaladini, nezinsizwa ezigcawini.


Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngalokho niyakubaleka: ‘Sikhwele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.


Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa, nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.


Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.


Basuka kuhwelela, baya ekamu* lama-Aramu; sebefike emaphethelweni ekamu lama-Aramu, bheka, kwakungekho muntu lapho.


“Manje usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nenzelani lokhu okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yenu, ninqume kini abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo phakathi kukaJuda, nize ningashiyelwa nsali,


ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe, lapho niyile khona ukugogobala, ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba, na?


Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo!


U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile, abayikuthela izithelo. Noma bezala, ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”


Inkemba iyakutheleka emizini yabo, iqede imigoqo yayo, ibadle ngenxa yeziluleko zabo.


Lapho udlayo, awuyikusutha, kube khona ukulamba phakathi kwakho; uyakususa, ungakhululi kodwa, nokukhululayo ngiyakukukhaphela enkembeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite