Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Bayakuphela indlala, baqedwe ngukushisa komzimba, nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 bayakuphela amandla yindlala, baqedwe wubhubhane, baqothulwe yisifo esibi, ngibathumele ngezinzawula zezilwane zasendle ezinesihlungu nezihuquzela othulini, zibalume.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Bayakushiswa yindlala, baqedwe ukushisa okushisayo nencithakalo ebabayo; ngiyakubathumelela amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezinyoka zothuli.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:24
24 Referans Kwoze  

Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.


ngithumele kini indlala nezilwane ezimbi, zikwaphuce abantwana, kudlule phezu kwakho isifo negazi, ngehlisele inkemba phezu kwakho. Mina Jehova ngikhulumile.”


Ngaphambi kwakhe kuhamba isifo, amalangabi aphuma ezinyathelweni zakhe.


Noma becasha esiqongweni saseKarmeli, ngiyakubafunisisa, ngibakhiphe khona; nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle, ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani, lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?


“Uma ngidabulisa izilwane ezimbi ezweni, ziliphange libe yincithakalo, ukuze kungadluli muntu ngenxa yezilwane,


Isikhumba sethu siyasha njengeziko ngokushisa kwendlala.


“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”


“Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.


Uma ngiphumela endle, bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba, nalapho ngingena emzini, bheka, nampo abaphethwe yindlala, ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe bengazi lutho.’ ”


Impisi iyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele,” usho uJehova.


Imicibisholo ebukhali yeqhawe namalahle omlilo.


nobhadane oluhamba ebumnyameni, nesifo esibhubhisayo emini enkulu.


“Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho.


UJehova uyakukushaya ngesifuba, nangomkhuhlane, nangesivuvushisa somzimba, nangokushisa okukhulu, nangenkemba, nangokuhamuka, nangesikhutha; kuyakukuxosha uze uphele.


Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle, nezwe ukuthi limnandi; wafolisa ihlombe ukuba athwale, waba yinceku yempoqo.


UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Njengokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho.


uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba, nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.


Uyakumunca isihlungu samabululu; ulimi lwenyoka luyakumbulala.


“Ngokuba ngiyathuma kini izinyoka nawomantshingeyana abangenakulunjwa, bayakuniluma,” usho uJehova.


Bayakukhotha uthuli njengenyoka, baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathini ezindaweni zazo ezivalelweyo, bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu, besabe ngenxa yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite